Amasu Okufunda
Joweli


Joweli

Ngumphrofethi ezweni lakwaJuda eTestamenteni eliDala. Isikhathi sokuphila kwakhe kasaziwa—kungenzeka ukuthi wayephila phakathi kokubusa kukaJowashi, ngaphambi konyaka wamakhulu ayisishiyagombili namashumi amahlanu ngaphambi kukaKristu, nokubuya kwesizwana sakwaJuda ekuthunjweni kwaseBabiloni.

Incwadi kaJoweli

Incwadi igxile esiphrofethini uJoweli asenza emuva kokuba izwe lakwaJuda lihlaselwe yisomiso esinzima kanye nesikhonyane (Joweli 1:4–20). UJoweli wabaqinisekisa abantu ukuthi ngokuphenduka babezozithola futhi izibusiso zikaNkulunkulu (Joweli 2:12–14).

Isahluko 1 wukubizelwa embuthanweni onesizotha endlini yeNkosi. Isahluko 2 sikhuluma ngempi kanye nencithakalo ezokwandulela imiNyaka eyiNkulungwane. Isahluko 3 sikhuluma ngezinsuku zokugcina futhi siyaqinisa ukuthi izizwe zonke ziyolwa kodwa ekugcineni iNkosi iyohlala eSiyoni.

UPetru waphinda isiphrofetho sikaJoweli ngokuthululwa koMoya ngosuku lwePhentekoste (Joweli 2:28–32; IzE. 2:16–21). Ingelosi uMoroni nayo yaphinda sona lesi sahlukwana kuJoseph Smith (JS—uMl. 1:41).