Amasu Okufunda
Usuku lweSabatha


Usuku lweSabatha

Wusuku olungcwele oluhlukaniselwa ukuphumula kanye nokukhonza njalo ngesonto. Emuva kokuba uNkulunkulu esedale zonke izinto, waphumula ngosuku lwesikhombisa futhi wayala ukuthi makube khona usuku olulodwa njalo ngesonto lokuphumula ukusiza abantu ukuba bamkhumbule (Eks. 20:8–11).

Ngaphambi koVuko lukaKristu, amalungu eBandla ayegcina usuku lokugcina lwesonto njengeSabatha, njengoba babenza abaJuda. Emva koVuko, amalungu eBandla, noma abaJuda noma abeZizwe, agcina usuku lokuqala lwesonto (usuku lweNkosi) ukuze akhumbule uVuko lweNkosi. IBandla namhlanje liyaqhubeka nokugcina usuku olulodwa njalo ngesonto njengosuku lwesabatha olungcwele kulo okukhonzwa uNkulunkulu futhi kuphunyulwe emisebenzini yasemhlabeni.

ISabatha liyabakhumbuza abantu ngokudinga kwabo ukudla komoya futhi nangesibopho sabo sokuthobela uNkulunkulu. Ngesikhathi isizwe sikhula ekunganakini ukugcina iSabatha, zonke izinxenye zempilo ziyathinteka futhi nempilo yaso yenkolo iyonakala (Neh. 13:15–18; Jer. 17:21–27).