Amasu Okufunda
Amen


Amen

Leligama lisho ukuthi “makube njalo” noma “kunjalo.” U-Amen kuthiwa ukhombisa ukwamukela ngokujabula noma ngesizotha futhi nokuvumelana (Dut. 27:14–26) noma usho ubuqiniso (Ⅰ AmaKh. 1:36). Namhlanje ekupheleni kwemikhuleko, ubufakazi, nezinkulumo, labo abawuzwile umkhuleko noma umyalezo basho u-amen ozwakalayo ukukhombisa ukuthi bayavumelana nalokho futhi bayakwemukela.

Ezikhathini zeTestamente eliDala, umuntu kwakufanele athi amen uma enza isifungo (Ⅰ IziKr. 16:7, 35–36; Neh. 5:12–13; 8:2–6). UKristu ubizwa ngokuthi “u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo” (IsAmb. 3:14). U-Amen futhi wayesebenza njengophawu lwesivumelwano esiKoleni sabaPhrofethi (Mf&V 88:133–135).