Amasu Okufunda
Umthetho kaMose


Umthetho kaMose

UNkulunkulu wanika imithetho endlini ka-Israyeli ngoMose ukuze uthathe indawo yomthetho ophakeme ababehlulekile ukuwuthobela (Eks. 34; HJS, Eks. 34:1–2; HJS, Dut. 10:2 [Isithasiselo]). Umthetho kaMose wawuneminingi imigomo, imithetho, imikhosi, izenzo zokholo, kanye nezifanekiso ukuze kukhunjuzwe abantu ngokwakufanele bakwenze kanye nezibopho zabo. Wawuhlanganisa nemiyalelo yomthetho wokulunga, yenkambo yokulunga, yenkolo, kanye neyomzimba kanye nezenzo—kuhlanganisa neminikelo (Lev. 1–7)—okwakuhloswe ngayo ukubakhumbuza ngoNkulunkulu kanye nokwakufanele bamenzele kona (Mosiya 13:30). Ukholo, ukuphenduka, ukubhabhadiswa emanzini, kanye nokususwa kwezono kwakuyinxenye yomthetho, njengoba kwakunjalo nangemiYalelo eliShumi kanye neminye imiyalelo yokwazisa inkambo yokulunga kanye nomthetho wokulunga. Imithetho eminingi yemikhosi yagcwaliseka ekufeni kanye nasoVukweni lukaJesu Kristu, okwaqeda ukunikela ngokuchitha igazi (Alima 34:13–14). Lomthetho wawenganyelwe ngaphansi kobuPhristi buka-Aroni futhi wawuyivangeli lokulungiselela ukuze kulethwe abawulandelayo kuKristu.