Amasu Okufunda
Izibulo


Izibulo

Ezikhathini zamaphatriyakhe asemandulo, indodana eyizibulo yayithola ubuzibulo (Gen. 43:33) futhi ngalokho yayamukela ukuhola umndeni ekufeni kukababa. Izibulo kwakufanele lifanelwe wukwenza lowomsebenzi (Ⅰ IziKr. 5:1–2) futhi lalingase lilahlekelwe wubuzibulo balo ngenxa yokungalungi.

Ngaphansi komthetho kaMose, indodana eyizibulo yayithathwa njengekaNkulunkulu. Izibulo lalithola inxenye ephindiwe yempahla kababa walo (Dut. 21:17). Emuva kokufa kukababa wakhe, wayeba nomthwalo wokunakekela umama wakhe kanye nodadewabo.

Amazibulo ezilwane zesilisa nawo ayeba ngakaNkulunkulu. Izilwane ezihlanzekile zazisetshenziselwa iminikelo, kuthi izilwane ezazingahlanzekile zazingakhululwa noma zithengiswe noma zibulawe (Eks. 13:2, 11–13; 34:19–20; Lev. 27:11–13, 26–27).

Izibulo lalifanekiswa noJesu Kristu nobufundisi Bakhe basemhlabeni, kukhunjuzwa abantu ukuthi uMesiya omkhulu wayeyofika (Mose 5:4–8; 6:63).

UJesu wayeyizibulo labantwana bemimoya baBaba wethu oseZulwini, engoZelwe yeDwa nguBaba enyameni, futhi ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo oVukweni (Kol. 1:13–18). Abangcwele abathembekileyo baba ngamalunga eBandla leZibulo ebuphakadeni (Mf&V 93:21–22).