Amasu Okufunda
IZwi EliGunyaziwe 2


IZwi EliGunyaziwe 2

Okushiwoyo ngemfundiso ngokuphathelene nokuthi ngubani ongaphatha ubuphristi bukaNkulunkulu, manje osekubhalwe emakhasini okugcina eMfundiso neziVumelwano. Ekuqaleni kukaJuni 1978, iNkosi yembula kuMongameli uSpencer W. Kimball ukuthi ubuphristii kufanele bunikwe kubo bonke abesilisa abafanelwe abangamalungu eBandla. Lokhu kwenza ubuphristi bube nokutholakala kuwo wonke amadoda afanelwe futhi nezibusiso zasethempelini zibe nokutholakala kuwo wonke amalungu, ngokunganaki ibala nokuthi umuntu ungowasiphi isizwe. Ngomhlaka 30 Septhemba 1978, lesi simemezelo sethulwa emhlanganweni omkhulu weBandla futhi semukelwa ngazwi-linye.