Amasu Okufunda
INcwadi kwabaseKolose


INcwadi kwabaseKolose

Yincwadi eTestamenteni eliSha. Ekuqaleni kwakuyincwadi umPhostoli uPawulu ayibhalela abaseKolose emuva kokuba ehanjelwe ngu-Ephafra, umvangeli weBandla eKolose (Kol. 1:7–8). U-Ephafra watshela uPawulu ukuthi abaseKolose base bewela ephutheni elikhulu—babecabanga ukuthi babengcono kunabanye abantu ngoba babegcina ngokuqaphela izimiso ezithile zangaphandle (Kol. 2:16), bezincisha izimfuno zomzimba, futhi bekhonza izingelosi (Kol. 2:18). Lemikhuba yenza abaseKolose bezwe ukuthi babengcweliswa. Babebona futhi nokuthi babewuqonda kangcono umhlaba wonke nezulu kunamanye amalungu eBandla. Encwadini yakhe, uPawulu wabaqondisa ngokubafundisa ukuthi ukukhululwa kuza kuphela ngoKristu futhi nokuthi kufanele sihlakaniphe futhi simkhonze.

Isahluko 1 yisibingelelo sikaPawulu kwabaseKolose. Izahluko 2–3 zinezimfundiso futhi ziqukethe okushiwoyo ngoKristu njengomHlengi, ingozi yokukhonza okungamanga, nokubaluleka koVuko. Isahluko 4 sifundisa ukuthi abaNgcwele kufanele bahlakaniphe ezintweni zonke.