Amasu Okufunda
Isakare


Isakare

Yindodana kaJakobe kanye noLeya eTestamenteni eliDala (Gen. 30:17–18; 35:23; 46:13). Uzalo lwakhe lwaba ngesinye sezizwana ezilishumi nambili zakwa-Israyeli.

Isizwana sika-Isakare

Isibusiso sikaJakobe ku-Isakare sitholakala kuGenesise 49:14–15. Emuva kokuhlala eKhanana, lesi sizwana sathola omunye wemihlaba enothileyo yaseFilistiya, kuhlanganisa nethafa lase-Esdraloni. Ngaphakathi kwemingcele yakwa-Isakare kwakukhona izindawo ezimbalwa ezibalulekile emlandweni wabaJuda, isibonelo, iKarmeli, iMegido, iDotayini, iGilibowa, iJizreyeli, iThabori, kanye neNazaretha (Josh. 19:17–23).