Amasu Okufunda
Shadiraki


Shadiraki

ETestamenteni eliDala, uShadiraki, uMeshaki, kanye no-Abedi-Nego kwakungabafana bakwa-Israyeli, ndawonye noDaniyeli, abalethwa endlini yobukhosi kaNebukadinesari, inkosi yaseBabiloni. Igama lesiHeberu likaShadiraki kwakunguHananiya. Bobane abafana benqaba ukuzingcolisa ngokudla inyama yenkosi nokuphuza iwayini layo (Dan. 1). UShadiraki, uMeshaki, kanye no-Abedi-Nego baphonswa esithandweni somlilo yinkosi kodwa basindiswa ngesimangaliso (Dan. 3).