Amasu Okufunda
Efrayimi


Efrayimi

ETestamenteni eliDala, yindodana yesibili kaJosefa kanye no-Asenati (Gen. 41:50–52; 46:20). Ngokuphambene nendlela yesiko elalijwayelekile, u-Efrayimi wathola isibusiso sobuzibulo esikhundleni sikaManase, owayeyindodana endala (Gen. 48:17–20). U-Efrayimi waba ngubaba wesizwana sakwa-Efrayimi.

Isizwana sakwa-Efrayimi

U-Efrayimi wanikwa ubuzibulo kwa-Israyeli (Ⅰ IziKr. 5:1–2; Jer. 31:9). Ezinsukwini zokugcina ilungelo futhi nomsebenzi wabo wukuthwala ubuphristi, bathathe umyalezo wevangeli elibuyiselwe bawuse emhlabeni, futhi baphakamise isibonakaliso ukuba baqoqe abakwa-Israyeli abahlakazekile (Isaya 11:12–13; 2 Nefi 21:12–13). Abantwana ba-Efrayimi bazobaqhelisa ngenkazimulo labo abasuka emazweni asenyakatho ababuyayo ezinsukwini zokugcina (Mf&V 133:26–34).

Induku ka-Efrayimi noma kaJosefa

Ngumbhalo welinye iviyo elisuka esizwaneni sika-Efrayimi esaholwa sisuka eJerusalema siya eMelika cishe ngonyaka wamakhulu ayisithupha ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. Umbhalo waleliviyo ubizwa ngokuthi yinduku ka-Efrayimi noma kaJosefa, noma yiNcwadi kaMormoni. Yona nenduku kaJuda (iBhayibheli) zenza ubufakazi obenziwe babunye beNkosi uJesu Kristu, uVuko Lwakhe, futhi nomsebenzi Wakhe kaNkulunkulu phakathi kwalezi zigaba ezimbili zendlu yakwa-Israyeli.