Amasu Okufunda
Ukufa komzimba


Ukufa komzimba

Wukwehlukana komzimba nomoya. UkuWa kwaletha impilo yasemhlabeni futhi nokufa emhlabeni (2 Nefi 2:22; Mose 6:48). INhlawulo kaJesu Kristu yanqoba ukufa ukuze wonke umuntu avuke ekufeni (Ⅰ Kor. 15:21–23). UVuko yisipho sabo bonke abantu noma ngabe benze okuhle noma okubi kulempilo (Alima 11:42–44). Umuntu ngamunye uzwa ubuhlungu bokufa komzimba kanye ngoba uma sesivukile ekufeni, imizimba yethu ngeke isafa (Alima 11:45).