Amasu Okufunda
Urimi neThumimi


Urimi neThumimi

Yizinto ezilungiswa nguNkulunkulu ukuze zisize umuntu ukuba athole isambulo futhi nokuba ahumushe izilimi. Ngolimi lwesiHeberu lamagama asho “ukukhanya kanye nokuphelela.” I-Urimi neThumimi inamatshe amabili abekwe eminsalweni yesiliva futhi kwesinye isikhathi isetshenziswa nesivikelo sesifuba (Mf&V 17:1; JS—uMl. 1:35, 42, 52). Lomhlaba uzoba yi-Urimi neThumimi enkulu esimweni sawo sokungcweliswa kanye nesokungafi (Mf&V 130:6–9).