Amasu Okufunda
Benjamini, indodana kaJakobe


Benjamini, indodana kaJakobe

ETestamenteni eliDala, yindodana yesibili kaJakobe noRaheli (Gen. 35:16–20).

Isizwana sikaBenjamini

UJakobe wambusisa uBenjamini (Gen. 49:27). Uzalo lukaBenjamini lwaluyisizwe esasithanda impi. AbakwaBenjamini ababili ababalulekile kwakunguSawule, inkosi yokuqala yakwa-Israyeli (Ⅰ Sam. 9:1–2), noPawulu, umPhostoli weTestamente eliSha (Roma 11:1).