Amasu Okufunda
Omini


Omini

Ngumgcini wemibhalo ongumNefi eNcwadini kaMormoni owabhala cishe ngonyaka ka361 ngaphambi kukaKristu (Jaromu 1:15; Omini 1:1–3).

Incwadi ka-Omini

Yincwadi ehunyushwe ezingcwepheni ezincane zikaNefi eNcwadini kaMormoni. Lencwadi inesahluko esisodwa kuphela, esiqukethe indaba yezimpi phakathi kwamaNefi kanye namaLamani. U-Omini wabhala amavesi okuqala amathathu kuphela alencwadi. Izingcwephe zabe sezidluliswa ngokulandelana ku-Amaroni, kuKemishi, ku-Abinadomu, okokugcina naku-Amaleki. U-Amaleki izingcwephe wazinika iNkosi uBenjamini, inkosi yaseZarahemla.