Amasu Okufunda
Ukufa komoya


Ukufa komoya

Wukwehlukana noNkulunkulu nezimfundiso Zakhe; wukufa ngokuphathelene nezinto zokulunga. ULusifa kanye nengxenye yesithathu yamabandla asezulwini bezwa ubuhlungu bokufa komoya ngesikhathi bephonswa ngaphandle kwasezulwini (Mf&V 29:36–37).

Ukufa komoya kwalethwa emhlabeni ngokuWa kuka-Adamu (Mose 6:48). Abantu basemhlabeni abanemicabango, amagama, kanye nemisebenzi emibi bafile ngokomoya ngesikhathi besaphila emhlabeni (Ⅰ Thim. 5:6). NgeNhlawulo kaJesu Kristu futhi nangokuhlonipha imigomo kanye nezimiso zevangeli, abesilisa nabesifazane bangahlanzwa esonweni futhi bakunqobe ukufa komoya.

Ukufa komoya kuyenzeka futhi emuva kokufa komzimba. Abantu abavuke ekufeni kanye nodeveli nezingelosi zakhe bazokwehlulelwa. Labo abahlubuke ekukhanyeni naseqinisweni levangeli ngamabomu bazozwa ubuhlungu bokufa komoya. Lokhu kufa imvamisa kubizwa ngokuthi wukufa kwesibili (Alima 12:16; Hel. 14:16–19; Mf&V 76:36–38).