Amasu Okufunda
Nefi, indodana kaNefi, indodana kaHelamani


Nefi, indodana kaNefi, indodana kaHelamani

Ngomunye wabafundi abangamaNefi abayishumi nambili abakhethwa nguJesu Kristu ovuke ekufeni eNcwadini kaMormoni (3 Nefi 1:2–3; 19:4). Lomphrofethi wakhulekela abantu bakhe ngamandla eNkosini. UNefi wezwa izwi leNkosi (3 Nefi 1:11–14). UNefi futhi wahanjelwa yizingelosi, wakhipha odeveli, wavusa umfowabo ekufeni, futhi wafakaza ngobufakazi obabungeke bungakholwa (3 Nefi 7:15–19; 19:4). UNefi wagcina umbhalo wemibhalo engcwele (3 Nefi 1:2–3).

Incwadi ka 3 Nefi

Yincwadi eyabhalwa nguNefi, indodana kaNefi, eNcwadini kaMormoni. Izahluko 1–10 zikhombisa ukugcwaliseka kweziphrofetho ngokuza kweNkosi. Uphawu lokuzalwa kukaKristu lwanikwa; abantu baphenduka; kodwa ngaleso sikhathi babuyela ekukhohlakaleni. Ekugcineni izivunguvungu, ukuzamazama komhlaba, iziphepho ezinamandla, kanye nembubhiso enkulu kubonisa ukufa kukaKristu. Izahluko 11–28 zibhale ngokuza kukaKristu eMelika. Lena yinxenye enkulu yencwadi ka 3 Nefi. Amagama amaningi kaKristu ayafana nezintshumayelo Zakhe ezibhalwe eBhayibhelini (isibonelo, Math. 5–7 kanye no 3 Nefi 12–14). Izahluko 29–30 ngamagama kaMormoni ezizweni zezinsuku zokugcina.

Incwadi ka 4 Nefi

Lencwadi inamavesi angamashumi amane nesishiyagalolunye kuphela, wonke esahlukweni esisodwa, nokho iphethe umlando wamaNefi weminyaka cishe engamakhulu amathathu (34–321 emuva kukaKristu). Izizukulwane ezahlukeneyo zababhali, kuhlanganisa noNefi, zaba nezikushoyo kulombhalo. Amavesi 1–19 akhuluma ngokuthi emva kokuhambela kukaKristu ovukileyo wonke amaNefi kanye namaLamani aguqukela evangelini. Ukuthula, uthando, kanye nokuzwana kwabusa. Abafundi abangamaNefi abathathu, uKristu ayebavumele ukuba bahlale emhlabeni kuze kube ngukuZa Kwakhe kwesiBili (3 Nefi 28:4–9), babasebenzela abantu. UNefi washiya umbhalo endodaneni yakhe u-Amose. Amavesi 19–47 ngumbhalo wobufundisi buka-Amose (iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane) nobendodana yakhe u-Amose (iminyaka eyikhulu neshumi nambili). Ngonyaka ka201 emuva kukaKristu, ukuzikhukhumeza kwabangela izinkinga phakathi kwabantu, abazihlukanisa baba ngamaqembu futhi baqala amabandla angamanga ukuze bazuze (4 Nefi 1:24–34).

Amavesi okugcina ka 4 Nefi akhombisa ukuthi abantu base bebuyele futhi ekukhohlakaleni (4 Nefi 1:35–49). Ngonyaka ka305 emuva kukaKristu, u-Amose indodana ka-Amose wafa futhi umfowabo u-Amaroni wayicashisa yonke imibhalo engcwele ukuze igcinwe ngokuphepha. U-Amaroni emuva kwesikhathi imibhalo wayiphathisa uMormoni, owabhala izehlakalo eziningi esikhathini sempilo yakhe futhi wase eyayifinyeza (Morm. 1:2–4).