Amasu Okufunda
Tabernakele


Tabernakele

Yindlu yeNkosi, imaphakathi lokukhonza kwabakwa-Israyeli ngesikhathi sokuMuka eGibithe. Itabernakele eqinisweni kwakuyithempeli elalinokuthwalwa futhi lalingahlukaniswa libuye lihlanganiswe futhi. Abantwana bakwa-Israyeli babesebenzisa itabernakele baze bakha ithempeli likaSolomoni (Mf&V 124:38).

UNkulunkulu wembula isibonelo setabernakele kuMose (Eks. 26–27), futhi abantwana bakwa-Israyeli balakha ngokwaleso sibonelo (Eks. 35–40). Ngesikhathi itabernakele seliphelile, ifu lalimboza itende, futhi nenkazimulo yeNkosi yagcwalisa itebarnekele (Eks. 40:33–34). Ifu laliwuphawu lokuba khona kukaNkulunkulu. Ebusuku, lalibonakala njengomlilo. Ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetende, abantwana bakwa-Israyeli babemisa ikamu. Ngesikhathi lihamba, babehamba kanye nalo (Eks. 40:36–38; Num. 9:17–18). Abantwana bakwa-Israyeli balithwala itabernakele kanye nabo ngesikhathi bezula ogwadule futhi nangesikhathi benqoba izwe laseKhanana. Emuva kwalokho kunqoba, itabernakele lalitholakala eShilo, indawo eyayikhethwe yiNkosi (Josh. 18:1). Emuva kokuba abantwana bakwa-Israyeli bakha ithempeli likaSolomoni, itabernakele lanyamalala nya emlandweni.

INkosi kanye no-Isaya babesebenzisa itabernakele njengomfanekiso wemizi yaseSiyoni kanye neyaseJerusalema ngesikhathi sokuZa kwesiBili kweNkosi (Isaya 33:20; Mose 7:62).