Amasu Okufunda
UmPhostoli


UmPhostoli

EsiGrikini, umPhostoli usho ukuthi “lowo othunyelwe.” Kwakuyibizo uJesu alinika abaliShumi namBili abakhetha futhi wabagcoba ukuba babe ngabafundi nabasizi Bakhe abaseduze naye ngesikhathi sobufundisi Bakhe emhlabeni (Luka 6:13; Joh. 15:16). Wabathumela ukuba bammele futhi bambhekele emuva kokweNyukela Kwakhe ezulwini. Emandulo futhi nakumGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili eBandleni eselibuyiselwe namhlanje, umPhostoli ungufakazi okhethiweyo kaJesu Kristu emhlabeni wonke ukuze afakaze ngobunkulunkulu Bakhe futhi nangokuvuka Kwakhe kwabafileyo (IzE. 1:22; Mf&V 107:23).

Ukukhethwa kwabaPhostoli

AbaPhostoli bakhethwa yiNkosi (Joh. 6:70; 15:16).