Amasu Okufunda
Esteri


Esteri

Ngowesifazane onokholo olukhulu futhi nguyena omkhulu encwadini ka-Esteri.

Incwadi ka-Esteri

Yincwadi eTestamenteni eliDala equkethe indaba yesibindi seNdlovukazi u-Esteri ekusindiseni abantu bayo ekubhujisweni.

Izahluko 1–2 zikhuluma ngokuthi u-Esteri, owesifazane womJuda futhi indodakazi yendoda yomJuda eyatholwa okuthiwa nguMoridekayi, wakhethwa kanjani njengendlovukazi yasePheresiya ngenxa yobuhle bakhe. Isahluko 3 sichaza ngokuthi uHamani, indoda enkulu egcekeni lenkosi, wayemzonda uMoridekayi futhi wathola isimemezelo sokuba kubulawe bonke abaJuda. Izahluko 4–10 zikhuluma ngokuthi u-Esteri, ngokuzifaka engozini enkulu, wembula kanjani enkosini ngobuzwe bakhe futhi wathola ukuba kuchithwe leso simemezelo.