Amasu Okufunda
Hoseya


Hoseya

Ngumphrofethi weTestamente eliDala owaphrofetha embusweni osenyakatho wakwa-Israyeli ngenxenye yokugcina yokubusa kukaJerobowamu wesibili. Wayephila ngesikhathi sokuncipha nencithakalo yezwe lonke, ngenxa yokona kwabakwa-Israyeli.

Incwadi kaHoseya

Indikimba eyisisekelo sencwadi wuthando lukaNkulunkulu lwabantu Bakhe. Zonke izijeziso Zakhe zenziwa ngothando, futhi nokubuyiselwa kwabakwa-Israyeli kuyoba ngenxa yothando Lwakhe (Hos. 2:19; 14:4). Ngokwahluka, uHoseya ukhombisa ukumbumbuluza nokungathembeki kwabakwa-Israyeli. Nakubakunjalo uNkulunkulu uyakwazi ukulangazelela ukukhululwa kwabakwa-Israyeli ekugcineni (Hos. 11:12–14:9).