Amasu Okufunda
Hosana


Hosana

Yigama lesiHeberu elisho ukuthi “siyakucela sisindise” futhi lisetshenziselwa ukudumisa kanye nokunxusa.

Emkhosini wamaDokodo, owawugubha ukukhululwa yiNkosi kwabakwa-Israyeli ukuba baye ezweni lesethembiso, abantu babecula amagama eHubo 118 futhi bephephezelisa amagatsha esundu. Ekungeneni kweNkosi ngokwesasa eJerusalema, izixuku zazikhala zithi “Hosana” futhi zendlala amagatsha esundu ukuze uJesu ahambe phezu kwawo, ngaleyondlela zikhombisa ukuqonda kwazo ukuthi uJesu kwakuyiyo iNkosi eyayibakhululile emandulo (AmaH. 118:25–26; Math. 21:9, 15; Marku 11:9–10; Joh. 12:13). Laba bantu babembona uKristu njengoMesiya owayelindelwe kudala. Igama elithi Hosana selibe yindlela yokukhumbula uMesiya kuzo zonke izikhathi (1 Nefi 11:6; 3 Nefi 11:14–17). Ukumenyezwa kwaHosana kwahlanganiswa nokungcweliswa kweThempeli laseKirtland (Mf&V 109:79) futhi namhlanje usuyinxenye yokungcweliswa kwamathempeli amanje.