Amasu Okufunda
Amakhosi


Amakhosi

Yizincwadi ezimbili eTestamenteni eliDala. Lezi zincwadi zilandisa ngomlando wakwa-Israyeli kusuka ekuvukeleni kuka-Adoniya, indodana yesine yeNkosi uDavide (cishe ngonyaka ka1015 ngaphambi kukaKristu), kuya ekuthunjweni kokugcina kwabakwaJuda (cishe ngonyaka ka586 ngaphambi kukaKristu). Zihlanganisa nomlando wonke wombuso ongasenyakatho (izizwana ezilishumi zakwa-Israyeli) kusuka ekuhlukaneni kuze kube wukuthunjwa ngama-Asiriya emazweni asenyakatho. Bheka futhi isihloko esithi uHide lweziKhathi zeZehlakalo esithasiselweni.

AmaKhosi okuQala

Isahluko 1 sichaza ngezinsuku zokugcina zempilo yeNkosi uDavide. Izahluko 2–11 zibhale ngempilo kaSolomoni. Izahluko 12–16 zikhuluma ngabalandela ngqo uSolomoni, uRehobowamu kanye noJerobowamu. UJerobowamu wabangela ukuhlukana kombuso wakwa-Israyeli. Amanye amakhosi kukhulunywa ngawo futhi. Izahluko 17–21 zibhale izinxenye zobufundisi buka-Eliya ngesikhathi ekhuza u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli. Isahluko 22 sibhale ngempi neSiriya lapho u-Ahabi ehlangana noJehoshafathi, inkosi yakwaJuda. Umphrofethi uMikhaya uyaphrofetha ngokumelene namakhosi.

AmaKhosi esiBili

Isahluko 1:1–2:11 siqhubeka nempilo ka-Eliya, kuhlanganisa nokukhuphuka kuka-Eliya eya ezulwini ngenqola yomlilo. Izahluko 2–9 zikhuluma ngobufundisi buka-Elisha bokholo kanye namandla amakhulu. Isahluko 10 sikhuluma ngoJehu, inkosi, nokuthi wayibhubhisa kanjani indlu ka-Ahabi kanye nabaphristi baBali. Izahluko 11–13 zibhale ngokubusa okulungileyo kukaJehowashi kanye nokufa kuka-Elisha. Izahluko 14–17 zikhuluma ngamakhosi ahlukene abusa kwa-Israyeli nakwaJuda, imvama ngokukhohlakala. Isahluko 15 sibhale ngokuthunjwa kwezizwana ezilishumi zakwa-Israyeli ngama-Asiriya. Izahluko 18–20 zibhale ngempilo elungileyo kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, kanye nangomphrofethi u-Isaya. Izahluko 21–23 zikhuluma ngamakhosi uManase kanye noJosiya. Ngokwendaba ethathwe kokhokho, uManase nguye owaba necala lokubulawa kuka-Isaya. UJosiya wayeyinkosi elungileyo eyaphinda yamisa futhi umthetho phakathi kwabaJuda. Izahluko 24–25 zibhale ngokuthunjwa yiBabiloni.