Amasu Okufunda
Igosa


Igosa

Izwi elithi gosa lisetshenziswa ngezindlela ezahlukene eBhayibhelini. ETestamenteni eliDala livamise ukusho amadoda amadala esizwaneni, ayejwayele ukuphathiswa izindaba zikahulumeni (Gen. 50:7; Josh. 20:4; Ruthe 4:2; Math. 15:2). Ubudala futhi nobungcweti babo babenza iseluleko sabo sibe nosizo kakhulu. Isikhundla sabo sasingesona ngokufunekayo esomsebenzi wobuphristi.

Ayekhona futhi namagosa agcotshiweyo ebuPhristini bukaMelkisedeki ngezikhathi zeTestamente eliDala (Eks. 24:9–11). ETestamenteni eliSha, amagosa ayaphathwa njengesikhundla sobuphristi eBandleni (Jak. 5:14–15). Phakathi kwamaNefi ayekhona futhi amagosa agcotshiweyo ebuphristini (Alima 4:7, 16; Moro. 3:1). Kulolu hlelo lokwengamela, uJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery baba ngamagosa okuqala ukuba agcotshwe (Mf&V 20:2–3).

IGosa namhlanje yibizo elinikwa bonke abanobuPhristi bukaMelkisedeki. Isibonelo, abefundisi besilisa babizwa ngamagosa. UmPhostoli naye uyigosa, futhi kulungile ukukhuluma ngamalungu omGwamanda wabaliShumi namBili noma imiGwamanda yabangamaShumi ayisiKhombisa ngalelibizo (Mf&V 20:38; Ⅰ Petru 5:1). Imisebenzi yamagosa agcotshiweyo eBandleni namhlanje inikiwe esambulweni sezinsuku zokugcina (Mf&V 20:38–45; 42:44; 46:2; 107:12).