Amasu Okufunda
UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith (HJS)


UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith (HJS)

Wukulungiswa noma wukuhunyushwa kweBhayibheli iKing James Version elingesiNgisi, umPhrofethi uJoseph Smith akuqala ngoJuni 1830. Wayalwa nguNkulunkulu ukuba akwenze lokhu kuhunyushwa futhi wayekuthatha njengenxenye yobizo lwakhe njengomphrofethi.

Nakuba uJoseph wakuqeda ukuhunyushwa okuningi ngoJulayi 1833, waqhubeka kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo1844 ukwenza ukuguqulwa okuncane ngesikhathi elungisa umbhalo olotshwe ngesandla ukuba ukhishwe njengencwadi. Nakuba ezinye izinxenye zokuhunyushwa wazikhipha njengencwadi ngesikhathi sokuphila kwakhe, kunokwenzeka ukuthi wayezobe esenze ushintsho olwengeziwe ukuba waphila ukuze wonke umsebenzi awukhiphe njengencwadi. IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina eliHlelwe kaBusha lazisa abantu bonke ukukhishwa kokuqala kokuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith ngokushisekeliswa ngo1867. Sebazise abantu bonke ngokukhishwa okuningana kusuka ngaleso sikhathi.

UmPhrofethi wafunda izinto eziningi ngesikhathi ehumusha. Izigaba eziningana zeMfundiso neziVumelwano zatholakala ngenxa yomsebenzi wakhe wokuhumusha (njenge Mf&V 76; 77; 91; kanye no132). INkosi yabuye futhi yamnika eminye imiyalelo ethile mayelana nokuhumusha, eyabhalwa kwiMfundiso neziVumelwano (Mf&V 37:1; 45:60–61; 76:15–18; 90:13; 91; 94:10; 104:58; 124:89). Incwadi kaMose kanye nekaJoseph Smith—Mathewu, manje esezihlanganiswe neGugu leNani eliKhulu, zathathwa ngqo ekuHunyushweni okwenZiwa nguJoseph Smith.

UkuHunyushwa okwenZiwa nguJoseph Smith sekubuyisele ezinye zezinto ezicacile futhi neziyigugu ebezilahlekile eBhayibhelini (1 Nefi 13). Nakuba kungeyilo iBhayibheli leBandla elisemthethweni, lokhu kuhunyushwa kuletha ukubona okusithekileyo okuningi okuthandekayo futhi kuwusizo kakhulu ekuqondeni iBhayibheli. Futhi kuwubufakazi bokubizwa nguNkulunkulu kanye nobufundisi bomPhrofethi uJoseph Smith.