Amasu Okufunda
INcwadi kwabaseFiliphi


INcwadi kwabaseFiliphi

Yincwadi uPawulu ayibhalela abaNgcwele abaseFiliphi ngesikhathi esetilongweni eRoma okokuqala. Manje sekuyincwadi kwabaseFiliphi eTestamenteni eliSha.

Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu kanye nomyalo wakhe ngobunye, ngokuzehlisa, kanye nokuphikelela. Isahluko 2 sigcizelela ukuthi bonke bayomthobela uKristu futhi nokuthi umuntu ngamunye kufanele afeze ukusindiswa kwakhe. Esahlukweni 3, uPawulu uyachaza ukuthi usenikele ngazo zonke izinto kuKristu. Esahlukweni 4, uPawulu wababonga abaNgcwele baseFiliphi ngosizo lwabo.