Amasu Okufunda
Isaya


Isaya

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala owaphrofetha kusuka ngonyaka wamakhulu ayisikhombisa namashumi amane kuya kowamakhulu ayisikhombisa nanye ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. Njengomeluleki omkhulu weNkosi uHezekiya, u-Isaya wayenamandla kwezenkolo nakwezokuphathwa kwezwe.

UJesu waphinda amazwi ka-Isaya kakhulu kunawabanye abaphrofethi. Amazwi ka-Isaya ayaphindwa futhi kaningi nguPetru, nguJohane, kanye noPawulu eTestamenteni eliSha. INcwadi kaMormoni kanye neMfundiso neziVumelwano ziqukethe amaningi amazwi aphindiwe asuka ku-Isaya kunasuka kunoma yimuphi omunye umphrofethi futhi zinika usizo oluningi lokuhumusha u-Isaya. UNefi wafundisa abantu bakhe ngokubhawe ngu-Isaya (2 Nefi 12–24; Isaya 2–14). INkosi yatshela amaNefi ukuthi “makhulu amazwi ka-Isaya” futhi nokuthi zonke izinto u-Isaya aziphrofethile zazizogcwaliseka (3 Nefi 23:1–3).

Incwadi ka-Isaya

Yincwadi eTestamenteni eliDala. Iziphrofetho eziningi zika-Isaya ziphathelene nokuza komKhululi, ukuzofeza ubufundisi Bakhe basemhlabeni (Isaya 9:6) futhi nanjengeNkosi enKulu osukwini lokugcina (Isaya 63). Waphrofetha okuningi futhi maqondana nekusasa labakwa-Israyeli.

Isahluko 1 yisandulela sencwadi yonke. U-Isaya 7:14; 9:6–7; 11:1–5; 53; kanye no 61:1–3 ubikezela ngomsebenzi wokufundisa ivangeli womSindisi. Izahluko 2, 11, 12, kanye no 35 ziphathelene nezehlakalo ezinsukwini zokugcina, ngesikhathi sekuzobuyiselwa ivangeli, sekuzoqoqwa nabakwa-Israyeli, futhi nezwe elomileyo selizoqhakaza njengembali. Isahluko 29 siqukethe isiphrofetho ngokuvela kweNcwadi kaMormoni (2 Nefi 27). Izahluko 40–46 zimemezela ubukhulu bukaJehova njengoNkulunkulu weqiniso phezu konkulunkulu bezithixo babahedeni. Izahluko eziseleyo, 47–66, ziphathelene nezehlakalo zokubuyiselwa kokugcina kwabakwa-Israyeli kanye nokumiswa kweSiyoni, neNkosi ihlezi phakathi kwabantu Bayo.