Amasu Okufunda
Incwadi yokukhumbula


Incwadi yokukhumbula

Yincwadi eyaqalwa ngu-Adamu okwakubhalwe kuyo imisebenzi yezizukulwane zakhe; futhi yinoma iyiphi eminye imibhalo efana nalona eyayigcinwa ngabaphrofethi namalungu athembekileyo kusuka ngaleso sikhathi. U-Adamu nabantwana bakhe babegcina incwadi yokukhumbula, ababebhala kuyo ngokuholwa ngumoya, futhi begcina nencwadi yezizukulwane, eyayiqukethe umlando wesizukulwane (Mose 6:5, 8). Imibhalo enjengalena kungenzeka ibe nendima ekunqumeni ngokwahlulelwa kwethu.