Amasu Okufunda
Loti


Loti

ETestamenteni eliDala, yindodana kaHarani kanye nomshana ka-Abrahama (Gen. 11:27, 31; Abr. 2:4). UHarani wafa ngenxa yendlala e-Uri (Abr. 2:1). ULoti wahamba e-Uri no-Abrahama kanye noSarayi futhi wahamba nabo ukuya eKhanani (Gen. 12:4–5). ULoti wakhetha ukuhlala eSodoma. INkosi yathumela izithunywa ukuba zixwayise uLoti ukuba abaleke eSodoma ngaphambi kokuba iNkosi iyibhubhise ngenxa yokukhohlakala kwabantu (Gen. 13:8–13; 19:1, 13, 15); Kodwa, umkaLoti wabheka emuva embujisweni futhi waphenduka insika kasawoti (Gen. 19:26). ITestamente eliSha liqukethe izinkomba zikaLoti (Luka 17:29; Ⅱ Petru 2:6–7). Impilo yakhe emuva kokwehlukana no-Abrahama ichaziwe kuGenesise 13, 14, kanye no19.