Amasu Okufunda
Isihogo


Isihogo

Isambulo sezinsuku zokugcina sikhuluma ngesihogo okungenani ngemiqondo emibili. Okokuqala, yindawo yesikhashana ezweni lemimoya yalabo ababengalaleli empilweni yasemhlabeni. Ngalomqondo, isihogo sinesiphelo. Imimoya elapho izofundiswa ivangeli, futhi ngesikhathi esithile emuva kokuphenduka kwayo izovuselwa ezingeni lenkazimulo eliyifanele. Labo abangezukuphenduka, kodwa nokho abangewona amadodana okulahlwa, bazohlala esihogweni imiNyaka eyiNkulungwane yonke. Emuva kwaleminyaka eyinkulungwane yokuhlushwa, bazovuselwa enkazimulweni yetilestiyali (Mf&V 76:81–86; 88:100–101).

Okwesibili, yindawo ehlala ikhona njalo yalabo abangakhululwa yiNhlawulo kaJesu Kristu. Ngalomqondo, isihogo sihlala sikhona njalo. Yindawo yalabo abatholakala “bengcolile njalo” (Mf&V 88:35, 102). Lena yindawo lapho uSathane, izingelosi zakhe, kanye namadodana okulahlwa—labo abaphike iNdodana emuva kokuba uBaba eseyambulile—beyohlala khona ingunaphakade (Mf&V 76:43–46).

Imibhalo engcwele kwesinye isikhathi ithi isihogo wubumnyama obungaphandle.