Amasu Okufunda
Abedi-Nego


Abedi-Nego

ETestamenteni eliDala, uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego kwakungabafana abathathu bakwa-Israyeli, abalethwa kanye noDaniyeli, endlini yasebukhosini kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Igama lesiHeberu lika-Abedi-Nego kwakungu-Azariya. Bobane abafana benqaba ukuzingcolisa ngokudla inyama yenkosi nokuphuza iwayini layo (Dan. 1). UShadiraki, uMeshaki, kanye no-Abedi-Nego baphonswa esithandweni somlilo yinkosi kodwa basinda ngesimangaliso (Dan. 3).