Amasu Okufunda
Hezikiya


Hezikiya

Yinkosi elungileyo yesizwe sakwaJuda eTestamenteni eliDala. Wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, ngesikhathi u-Isaya engumphrofethi kwaJuda (Ⅱ AmaKh. 18–20; Ⅱ IziKr. 29–32; Isaya 36–39). U-Isaya wamsiza ekuguquleni ibandla kanye nohulumeni. Waqeda ukukhonza izithixo futhi wabuyisela imisebenzi yasethempelini. Impilo kaHezekiya yelulwa ngeminyaka eyishumi nanhlanu ngomkhuleko kanye nangokholo (Ⅱ AmaKh. 20:1–7). Inxenye yokuqala yokubusa kwakhe yayinempumelelo, kodwa ukuvukela kwakhe inkosi yase-Asiriya (Ⅱ AmaKh. 18:7) kwabangela uhlaselo lwama-Asiriya kwaze kwaba kabili: olokuqala luchazwa ku-Isaya 10:24–32, olwesibili emaKhosini Ⅱ 18:13–19:7. Kuhlaselo lwesibili, iJerusalema yasindiswa yingelosi yeNkosi (Ⅱ AmaKh. 19:35).