Amasu Okufunda
UMoya oNgcwele


UMoya oNgcwele

Yilungu lesithathu kubuNkulunkulu (Ⅰ Joh. 5:7; Mf&V 20:28). Ungumuntu onesithunzi woMoya, ongenawo umzimba wenyama kanye namathambo (Mf&V 130:22). UMoya oNgcwele kuvame ukuba kuthiwe nguMoya, noma nguMoya kaNkulunkulu.

UMoya oNgcwele unezindima ezahlukene ezibalulekile ozenzayo kwisu lensindiso. (1) Ufakaza ngoBaba kanye neNdodana (Ⅰ Kor. 12:3; 3 Nefi 28:11; Etere 12:41). (2) Wembula iqiniso lazo zonke izinto (Joh. 14:26; 16:13; Moro. 10:5; Mf&V 39:6). (3) Ungcwelisa labo asebephendukile futhi nasebebhabhadisiwe (Joh. 3:5; 3 Nefi 27:20; Mose 6:64–68). (4) UnguMoya oNgcwele weseThembiso (Mf&V 76:50–53; 132:7, 18–19, 26).

Amandla kaMoya oNgcwele angeza kumuntu ngaphambi kombhabhadiso futhi afakaze ngokuthi ivangeli liyiqiniso. Kodwa ilungelo lokuhlala njalo ukanye noMoya oNgcwele, noma yinini uma umuntu efanelwe, yisipho esingatholwa kuphela ngokubekwa izandla yilowo onobuPhristi bukaMelkisedeki ngemuva kombhabhadiso ovunyelwe eBandleni leqiniso likaJesu Kristu.

UJesu wafundisa ukuthi zonke izono zazingathethelelwa ngaphandle kokuhlambalaza uMoya oNgcwele (Math. 12:31–32; Marku 3:28–29; Luka 12:10; Heb. 6:4–8; Mf&V 76:34–35).