Amasu Okufunda
Babele, Babiloni


Babele, Babiloni

Isiqongo saseBabiloniya.

IBabele yasungulwa nguNimrode futhi yayingelinye lamadolobha amadala kakhulu ezweni laseMesopotamiya, noma iShineyari (Gen. 10:8–10). INkosi yaphambanisa ulimi ngesikhathi abantu bakha uMbhoshongo waseBabele (Gen. 11:1–9; Etere 1:3–5, 33–35). IBabiloni kamuva yaba yisiqongo sikaNebukadinesari. Wakha umuzi omkhulukazi okusasele izinsalela zawo. IBabiloni yaba wumuzi onobubi obukhulu futhi isiwuphawu lobubi bomhlaba.