Amasu Okufunda
Inqolobane


Inqolobane

Yindawo lapho umbhishobhi emukela khona, ephatha njengomphatheli, futhi abela khona abampofu iminikelo engcwelisiwe yabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Inqolobane ngayinye ingaba nkulu noma ingaba ncane njengokudingwa yizimo. AbaNgcwele abathembekileyo banikela ngamathalente, ngamakhono, ngezinto, kanye nangemali kumbhishobhi ukuze anakekele abampofu ngesikhathi sokudinga. Ngakho-ke, inqolobane ingahlanganisa uhla losizo olutholakalayo, imali etholakalayo, ukudla okutholakalayo, noma ezinye izimpahla zokuthengwa ezitholakalayo. Umbhishobhi ungumphatheli wenqolobane futhi waba izimpahla kanye nosizo ngokwesidingo futhi ngokuyalelwa nguMoya weNkosi (Mf&V 42:29–36; 82:14–19).