Amasu Okufunda
Amandla


Amandla

Yikhono lokwenza into ethile. Ukuba namandla phezu komuntu noma phezu kwento ethile wukuba nekhono lokuphatha noma lokulayeza lowomuntu noma leyonto. Emibhalweni engcwele, amandla avamise ukuhlanganiswa namandla kaNkulunkulu noma namandla asezulwini. Avamise ukuhlanganiswa kakhulu negunya lobuphristi, okuyimvume noma ilungelo lokwenzela uNkulunkulu izinto.