Amasu Okufunda
Nehemiya


Nehemiya

Yisikhulu esingumIsrayeli eBabiloni eTestamenteni eliDala (ngumLevi noma ngowesizwana sakwaJuda) esasinesikhundla sokuba ngumphathisitsha egcekeni lika-Aritahishashita, esathola kuye umsebenzi wokuthunywa owawusigunyaza ukuba sakhe kabusha izindonga zaseJerusalema.

Incwadi kaNehemiya

Lencwadi iwukuqhutshwa kwencwadi ka-Ezra. Iqukethe indaba yenqubeko kanye nobunzima bomsebenzi eJerusalema kulandela ukubuya kwabaJuda ekuthunjweni kwaseBabiloni. Izahluko 1–7 zikhuluma ngokuhambela kokuqala kukaNehemiya eJerusalema kanye nokwakhiwa kabusha kwezindonga zomuzi phezu kokuba khona kokuphikiswa okukhulu. Izahluko 8–10 zichaza ngezinguquko zenkolo kanye nezokuhlalisana kwabantu uNehemiya ayezama ukuzenza. Izahluko 11–13 zinika uhla lwamagama alabo abafanelwe futhi zinika indaba yokunikelwa kodonga. Amavesi 4–31 esahluko 13 abhale ngokuhambela kwesibili kukaNehemiya eJerusalema emuva kokuhamba iminyaka eyishumi nambili.