Amasu Okufunda
Numeri


Numeri

Yincwadi yesine eTestamenteni eliDala. UMose wayibhala incwadi kaNumeri. Incwadi kaNumeri ilandisa ngendaba yohambo lwabakwa-Israyeli besuka eNtabeni iSinayi beya emathafeni akwaMowabi emnceleni waseKhanani. Esinye sezifundo esibalulekile esifundiswa yiyo wukuthi abantu baNkulunkulu kufanele bahambe ngokholo, bethembela ezethembisweni Zakhe, uma bezoqhubeka nokuphumelela. Ilandisa ngokujeziswa kwabakwa-Israyeli nguNkulunkulu ngenxa yokungalaleli futhi inika ulwazi ngemithetho yakwa-Israyeli. Igama lencwadi lithathelwe ezibalweni zokubalwa kwabantu okwakugqamile (Num. 1–2; 26).

Izahluko 1–10 zikhuluma ngokulungiselela kwabakwa-Israyeli ukuba basuke eSinayi. Izahluko 11–14 zichaza ngohambo uqobo lwalo, ukuthunyelwa kwezinhloli eKhanani, kanye nokwenqaba kwabakwa-Israyeli ukungena ezweni lesethembiso. Izahluko 15–19 zibhale ngemithetho eyahlukene kanye nezehlakalo zomlando. Izahluko 20–36 ngumlando wonyaka wokugcina wabantu ehlane.