Amasu Okufunda
Samuweli, umphrofethi waseTestamenteni eliDala


Samuweli, umphrofethi waseTestamenteni eliDala

Yindodana ka-Elkana kanye noHana, uSamuweli wazalwa kuphendulwa imikhuleko kanina (Ⅰ Sam. 1). Esengumntwana wanikwa u-Eli ukuba amnakekele, umphristi omkhulu kwitabernakele laseShilo (Ⅰ Sam. 2:11; 3:1). INkosi yambiza uSamuweli esemncane ukuba abe ngumphrofethi (Ⅰ Sam. 3). Emuva kokufa kuka-Eli, uSamuweli waba ngumphrofethi kanye nomahluleli omkhulu wakwa-Israyeli futhi wabuyisela umthetho, ukuthula, kanye nokukhonza kwabakholwayo okuvamileyo ezweni (Ⅰ Sam. 4:15–18; 7:3–17).

Ku Ⅰ Sam. 28:5–20 kukhona indaba kaSamuweli ebuyiswa kwabafileyo ngumthakathi wase Eni-Dori ngokucela kweNkosi uSawule. Lokhu kwakungeke kube wumbono owawuvela kuNkulunkulu, ngoba umthakathi noma omunye umthonga ngeke avumise umphrofethi ukuba avele ngokucela kwakhe

Izincwadi zika Ⅰ kanye no Ⅱ Samuweli

Kwamanye amaBhayibheli, izincwadi zika Ⅰ kanye no Ⅱ Samuweli ziyincwadi eyodwa. Kwamanye ziyizincwadi ezimbili. Lezi zincwadi ziphethe isikhathi seminyaka cishe eyikhulu namashumi amathathu, kusuka ekuzalweni kukaSamuweli kuze kube maduzane nje ngaphambi kokufa kweNkosi uSawule.

Incwadi ka Ⅰ Samuweli

Izahluko 1–3 ziyachaza ukuthi iNkosi yaqalekisa futhi yajezisa umndeni ka-Eli futhi yabiza uSamuweli ukuba abe ngumphristi omkhulu kanye nomahluleli. Izahluko 4–6 zikhuluma ngokuthi kwenzeka kanjani ukuba umphongolo wesivumelwano uwele ezandleni zamaFilisti. Izahluko 7–8 zibhale ngesexwayiso sikaSamuweli ngokuba nonkulunkulu bamanga kanye nenkosi ekhohlakeleyo. Izahluko 9–15 zichaza ngokuqheliswa kukaSawule kanye nokubusa kwakhe njengenkosi. Izahluko 16–31 zikhuluma ngomlando kaDavide kanye nokuthola kwakhe amandla—uSamuweli wamgcoba uDavide owayebulele uGoliyathi. USawule wayemzonda uDavide, kodwa uDavide wenqaba ukumbulala uSawule nakuba wayenethuba lokukwenza lokho.

Incwadi ka Ⅱ Samuweli

Lencwadi iqukethe imininingwane yokubusa kukaDavide njengenkosi yakwaJuda futhi ekugcineni ka-Israyeli wonke. Izahluko 1–4 zikhombisa umzukuzuku omude phakathi kwabalandeli baDavide, emuva kokuba eseqheliswe ngabakwaJuda, kanye nabalandeli baSawule. Izahluko 5–10 zikhombisa uDavide eba namandla emazweni onke amaningi. Izahluko 11–21 zikhombisa ukuphela kwamandla omoya kaDavide ngenxa yezono zakhe kanye nokuhlubuka phakathi emndenini wakhe uqobo. Izahluko 22–24 zichaza ngemizamo kaDavide yokuba enze ukubuyisana neNkosi.