Amasu Okufunda
Pawulu


Pawulu

NgumPhostoli eTestamenteni eliSha. Igama likaPawulu lesiHeberu lalinguSawulu, futhi wayaziwa ngaleligama kwaze kwaba wukuqala komsebenzi wakhe wokufundisa ivangeli kwabeZizwe. Ngokudlule wayekhathaze iBandla kodwa waguqulelwa kubuqiniso balo emva kokubona umbono kaJesu Kristu. UPawulu waba nohambo olukhulu lobufundisi kathathu futhi wabhala izincwadi eziningi kwabaNgcwele. Ezilishumi nane zalezi zincwadi zenza ingxenye yeTestamente eliSha namhlanje. Ekugcineni wabanjwa wathathwa njengesiboshwa eRoma futhi wabulawa, mhlawumbe ngentwasahlobo yangonyaka wama 65 emva kukaKristu.