Amasu Okufunda
INcwadi kwabaseRoma


INcwadi kwabaseRoma

ETestamenteni eliSha, yincwadi uPawulu ayibhalela abaNgcwele eRoma. Wayecabanga ngokuhambela eJerusalema, eyayaziwa kahle ukuthi inobungozi. Uma wayephunyula nempilo yakhe, wayenethemba emuva kwalokho lokuba ahambele eRoma. Lencwadi kwakuhloswe ngayo ukuba ngokunye ilungiselele iBandla lapho ukuba limamukele ngesikhathi eza. Ingathathwa futhi njengeyayiqukethe okwakushiwo ngezimfundiso ezithile okwakuphikiswana ngazo futhi uPawulu manje ayesezithatha njengeseziqinisiwe ekugcineni.

Isahluko 1 siqukethe isibingelelo sikaPawulu kwabaseRoma. Izahluko 2–11 zihlanganisa ukusho okumbalwa ngezimfundiso zokholo, imisebenzi, kanye nomusa. Izahluko 12–16 ziqukethe izimfundiso ezinosizo ngothando, ngokufanele kwenziwe, kanye nangobungcwele.