Amasu Okufunda
Hlambalaza, Ukuhlambalaza


Hlambalaza, Ukuhlambalaza

Wukukhuluma ngokudelela noma ngokungamhloniphi uNkulunkulu noma izinto ezingcwele.

UJesu wayebekwa icala ngamaJuda ezikhathini eziningana lokukhuluma ukuhlambalaza ngoba wayethi unelungelo lokuxolela izono (Math. 9:2–3; Luka 5:20–21), ngoba wayezibiza ngeNdodana kaNkulunkulu (Joh. 10:22–36; 19:7), futhi ngoba wathi babeyombona ehlezi esandleni sokunene samandla futhi eza emafwini asezulwini (Math. 26:64–65). Lamacala eyebekwa wona ayengabe eyiqiniso ukuba wayengekona konke lokho ayethi wayeyikho. Ukubekwa Kwakhe icala ngofakazi bamanga ekuthethweni kwecala phambi kweSanhedrini (Math. 26:59–61) kwakuwukuhlambalaza ithempeli likaNkulunkulu. Ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, okungukumphika ngamabomu uKristu emuva kokuthola ulwazi oluphelele du Ngaye, yisono esingenakuthethelelwa (Math. 12:31–32; Marku 3:28–29; Mf&V 132:27).