Amasu Okufunda
Juda


Juda

ETestamenteni eliSha, ngomunye wabafowabo baJesu futhi mhlawumbe ngumbhali wencwadi kaJuda (Math. 13:55; Juda 1:1).

Incwadi kaJuda

Lencwadi inencwadi esuka kuJuda eya kwabaNgcwele abase bephelelwa wukholo. Ukholo lwabo lwaluqedwa yilabo phakathi kwabo ababezibiza ngamaKristu kodwa ababenza imikhuba yokukhonza okonakele kwabahedeni futhi nababethi bakhululiwe ekuthobeleni umthetho wokulunga. UJuda wayefisa ukubavusa abaNgcwele ukuba babone ubungozi ngokomoya futhi nokubakhuthaza ukuba bahlale bethembekile.

Izahlukwana ezaziwa kakhulu kuJuda yilezo ezisevesini lesithupha, ezilandisa ngempi ezulwini kanye nokuphonswa ngaphandle kukaLusifa kanye nezingelosi zakhe kuleso simo esandulela esasemhlabeni (Abr. 3:26–28), kanye namavesi 14–15, akhumbuza ngesiphrofetho sika-Enoke.