Amasu Okufunda
Umuntu


Umuntu

Imibhalo engcwele ikhuluma ngabantu ngezindlela ezintathu: (1) ngabantu bomoya, abempilo eyandulela eyasemhlabeni kanye nabempilo esemuva kweyasemhlabeni (Alima 40:11–14; Abr. 3:23); (2) ngumoya kanye nomzimba kuhlangene empilweni yasemhlabeni (Mf&V 88:15; Abr. 5:7); futhi (3) nomuntu ongafiyo osevusiwe umoya kanye nomzimba wakhe osekuhlangene ngokungenakwahlukaniseka (2 Nefi 9:13; Mf&V 88:15–16).

Ukubaluleka kwabantu

Bonke abantu bangabantwana bomoya baNkulunkulu. Unendaba ngomntwana Wakhe ngamunye futhi ngamunye ubalulekile kuye. Ngoba bangabantwana Bakhe, bangakwazi ukuba njeNgaye. Ngakho-ke, bayigugu elikhulu.