ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 7


Isigaba 7

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi no-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngo-Epreli 1829, ngesikhathi bebuza nge-Urimi neThumimi ukuthi uJohane, umfundi othandekayo, ngabe waqhubeka nokuphila enyameni yini noma wafa. Lesi sambulo siyincazelo ehunyushiwe yombhalo owenziwa esikhumbeni sesilwane nguJohane futhi safihlwa nguye uqobo.

1–3, UJohane oThandekayo uzophila kuze kubuye iNkosi; 4–8, UPetru, uJakobe, noJohane banezikhiye zevangeli.

1 Futhi iNkosi yathi kimi: aJohane, othandekayo wami, yini boyilangazelelayo na? Ngokuba uma ucela okufisayo, uzonikwa kona.

2 Ngase ngithi kuyo: Nkosi, nginike amandla phezu akokufa, ukuze ngiphile futhi ngiphendukisele abantu kuwe.

3 INkosi yase ithi kimi: Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngoba ulangazelela lokhu auzoqhubeka nokuphila ngize ngibuye bngisenkazimulweni yami, futhi cuzophrofetha phambi kwezizwe, nezihlobo, nezilimi nakubantu.

4 Ngenxa yalokhu iNkosi yathi kuPetru: Uma ngivuma ukuthi aqhubeke nokuphila enyameni ngize ngibuye, kuyini lokho kuwe na? Ngokuba ulangazelele ukuphendukisela abantu kimi, kodwa wena ulangazelela ukuba uze ufike kimi ngokushesha aembusweni wami.

5 Ngithi kuwe, Petru, bekuyisifiso esihle lesi; kodwa othandekayo wami ufise ukuthi enze okungaphezulu, noma umsebenzi omkhulu futhi phakathi kwabantu kunalokho asekwenzile phambilini.

6 Yebo, usethathe umsebenzi omkhulu kakhulu; ngakho-ke ngiyomenza abe ngumlilo onelangabi futhi anengelosi ethunywayo; uyosebenzela labo abayoba byizindlalifa zensindiso abahlala cemhlabeni.

7 Futhi ngizokwenza wena umsebenzele kanye nomfowenu uJakobe; futhi kini nobathathu ngizoninika lamandla anokhiye balobu bufundisi ngize ngibuye.

8 Ngiqinisile ngithi kini, nobabili niyozuza ngokwezifiso zenu, ngokuba nobabili aniyakujabulela lokho enikufisile.