ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 15


Isigaba 15

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi kuJohn Whitmer, eFayette, eNew York, ngoJuni 1829. (bheka isihloko sesigaba 14.) Umlayezo ujulile futhi uqondene nomuntu ngendlela ethinta inhliziyo ngoba iNkosi ikhuluma ngalokho okwakwaziwa nguJohn Whitmer Nayo kuphela. UJohn Whitmer kamuva waba ngomunye woFakazi abayisiShiyagalombili beNcwadi kaMormoni.

1–2, Ingalo yeNkosi iphezu kwawo wonke umhlaba; 3–6, Ukushumayela ivangeli futhi usindise abantu kuyinto ebaluleke kakhulu.

1 Lalela, nceku yami uJohn, futhi uzwe amazwi kaJesu Kristu, iNkosi yakho futhi nongumHlengi wakho.

2 Ngokuba bheka, ngikhuluma kuwe ngokuthintayo anangamandla, ngokuba eyami ingalo iphezu komhlaba wonke.

3 Futhi ngizokutshela lokho okungaziwa muntu ngaphandle kwami nawe kuphela—

4 Ngokuba izikhathi eziningi ucelile kimi ukuba wazi lokho okuyobe kubaluleke kakhulu kuwe.

5 Bheka, ubusisiwe ngenxa yalesisenzo, futhi nangokukhuluma amazwi ami engikunike wona ngokwemiyalelo yami.

6 Manje, bheka, ngithi kuwe, isenzo esiyoba ngesibaluleke kakhulu kuwe awukushumayela ngokuphenduka kulaba bantu, ukuze ulethe abantu kimi, ukuze buphumule nabo cembusweni dkaBaba. Amen.