ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 24


Isigaba 24

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi no-Oliver Cowdery, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1830. Nakuba kwakungakapheli izinyanga ezine kwamiswa iBandla, izinhlupho zase zinkulu, futhi nabaholi kwakufanele bafune ukuphepha kude nasemphakathini kwesinye isikhathi. Lezi zambulo ezintathu ezilandelayo zambulelwa ukubaqinisa, ukubakhuthaza, nokubafundisa.

1–9, UJoseph Smith ubizelwa ukuhumusha, ukushumayela, ukuchasisa imibhalo engcwele; 10–12, U-Oliver Cowdery ubizelwe ukushumayela ivangeli; 13–19, Umthetho uyambulwa ophathelene nezimangaliso, ukuqalekisa, ukuthuntutha uthuli ezinyaweni, futhi nokuhamba ungaphethe sikhwama semali noma isikhwama.

1 Bheka, wabizelwa futhi wakhethelwa ukubhala iNcwadi kaMormoni, nasebufundisini bami; futhi ngikuphakamisile ngakukhipha ezinhluphekweni zakho, futhi ngikufundisile, ngaleyondlela usukhululiwe kuzona zonke izitha zakho, futhi ukhululiwe emandleni kaSathane nasebumnyameni!

2 Nokho, awunakuxolelwa aeziphambekweni zakho; nokho, hamba indlela yakho ungabe usona futhi.

3 aKhulisa isikhundla sakho; futhi emva kokuba usutshalile amasimu akho futhi wawavikela, hamba ngokushesha uye ebandleni beColesville, eFayette, naseManchester, futhi cbayokusekela; nami ngiyobabusisa ngokomoya nangokwasemhlabeni;

4 Kodwa uma bengakwamukeli, ngiyothumela phezu kwabo isiqalekiso esikhundleni sesibusiso.

5 Futhi qhubeka nokunxusa kuNkulunkulu egameni lami, futhi ubhale izinto ozonikezwa zona anguMduduzi, futhi uchasise yonke imibhalo engcwele ebandleni.

6 Futhi uzonikwa ngaso lesosikhathi aozokukhuluma nozokubhala, futhi bayokuzwa lokho, noma ngizothumela kubo isiqalekiso esikhundleni sesibusiso.

7 Ngokuba uyonikela wonke aumsebenzi wakho kwiSiyoni; futhi kulokhu uyoba namandla.

8 aBekezela bezinhluphekweni, ngokuba usazoba neziningi; kodwa czibekezelele, ngokuba, bheka, nginawe, kuze kube dsekupheleni kwezinsuku zakho.

9 Futhi emisebenzini yasemhlabeni awuyikuba nawo amandla, ngokuba lokhu akulona ubizo lwakho. Yenza aubizo lwakho futhi uyokuthola oyokhulisa ngakho isikhundla sakho, futhi uchasise yonke imibhalo engcwele, futhi uqhubeke ukubeka izandla nokuqinisa amabandla.

10 Futhi umfowenu u-Oliver uzoqhubeka nokufakaza ngegama lami phambi komhlaba, kanye nasebandleni. Futhi angacabangi ukuthi angasho okwanele kokuthandwa yimi; futhi bheka, nginaye kuze kube sekupheleni.

11 Ngami uzoba nodumo, futhi hhayi ngokwakhe, noma esebuthakathakeni noma esemandleni, noma esebugqilini noma esekukhululekeni;

12 Futhi ngazo zonke izikhathi, futhi kuzo zonke izindawo, uzovula umlomo wakhe futhi aazise ngevangeli lami njengezwi blecilongo, emini nasebusuku. Futhi ngizomnika amandla angakaze aziwe muntu.

13 Ningafuni aizimangaliso, ngaphandle uma bngizoniyala, ngaphandle ckokukhipha damadimoni, eukulapha abagulayo, futhi nokumelana fnezinyoka ezinobuthi, futhi nokumelana nobubulalayo ubuthi;

14 Futhi alezi zinto aniyukuzenza, ngaphandle uma kufunwa kini yilabo abakufisayo, ukuze imibhalo engcwele igcwaliseke; ngokuba niyokwenza njengoba kulotshiwe.

15 Futhi kunoma iyiphi indawo aeniyongena kuyo, futhi banganamukeli egameni lami, niyoshiya isiqalekiso esikhundleni sesibusiso, ngokuthuntutha buthuli lwezinyawo zenu ngokumelene nabo njengobufakazi, futhi nihlanze izinyawo zenu endleleni.

16 Futhi kuyokwenzeka ukuthi noma ubani oyobeka isandla phezu kwenu ngodlame, niyoyala ukuba bashaywe egameni lami; futhi, bheka, ngiyobashaya njengokwamazwi enu, ngesami isikhathi esifanele.

17 Futhi noma ubani oyoya emthethweni nawe uyoqalekiswa wumthetho.

18 Futhi awuyikuthatha asikhwama semali noma isikhwama, naludondolo, namabhantshi amabili, ngokuba ibandla liyokunika ngaleso sikhathi lokho okudingayo kokudla nokwezingubo, kwezicathulo nokwemali, nokwesikhwama.

19 Ngokuba ubizelwe aukuthena insimu yami ngokuthena okunamandla, yebo, ngisho ukokugcina; yebo, kanye nabo bonke labo bobagcobile, futhi bayokwenza ngisho njengokwalesi sifanekiso. Amen.