ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 113


Isigaba 113

Izimpendulo kweminye imibuzo ngemibhalo ka-Isaya, ezanikwa nguJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri noma eduze nakhona, ngoMashi 1838.

1–6, ISiqu sikaJese, ihlumela eliphuma kuso, nempande kaJese kuyakhonjwa; 7–10, Insali esabalele yaseSiyoni inelungelo kubo ubuphristi futhi babizelwa ukuba babuyele eNkosini.

1 Ubani iSiqu sika aJese okukhulunywa ngaso evesini lokuqala, elesibili, elesithathu, elesine, nelesihlanu lesahluko seshumi nanye sika Isaya na?

2 Ngiqinisile isho kanje iNkosi: NguKristu.

3 Liyini ihlumela okukhulunywa ngalo evesini lokuqala lesahluko seshumi nanye sika-Isaya, okufanele liphume kuso iSiqu sikaJese na?

4 Bheka, isho kanje iNkosi: Liyinceku ezandleni zikaKristu, nganhlanye ewuzalo lukaJese noluka aEfrayimi, noma lwendlu kaJosefa, kuye okubekwe bamandla amakhulu.

5 Iyini impande kaJese okukhulunywe ngayo evesini leshumi lesahluko seshumi nanye na?

6 Bheka, isho kanje iNkosi, wuzalo lukaJese, kanye nolukaJosefa kubo ubuphristi obungobabo ngokusemthethweni, ne azikhiye zombuso, ukuze kubekhona bisibonakaliso, nokuba ckuqoqwe abantu bami ngezinsuku zokugcina.

7 Imibuzo ka-Elias Higbee: Kuqondweni ngomyalo oku-Isaya, esahlukweni samashumi amahlanu nambili, ivesi lokuqala, elithi: Yembatha amandla akho, O Siyoni—futhi yibaphi abantu u-Isaya ayeqondise kubo na?

8 Wayekuqondise kulabo uNkulunkulu okufanele ababize ngezinsuku zokugcina, okufanele baphathe amandla obuphristi ukubuyisa futhi auSiyoni, nokukhululwa kuka-Israyeli; futhi ukwembatha bamandla akhe kuwukwembatha igunya lobuphristi, uSiyoni, ane clungelo kubo ngokohlanga; futhi ukuze abuyele kulawomandla ayemlahlekele.

9 Kufanele siqondeni ngokuzikhulula kukaSiyoni ezibophweni zomqala wakhe; evesini lesibili na?

10 Kufanele siqonde ukuthi ainsali esabalele iyakhuthazwa ukuba bibuyele eNkosini abawa kuyo; okuyothi uma bekwenza, isethembiso seNkosi siwukuthi iyokhuluma nabo, noma ibanike isambulo. Bheka ivesi lesithupha, elesikhombisa, kanye nelesishiyagalombili. Izibopho zomqala wakhe yiziqalekiso zikaNkulunkulu kuye, noma insali ka-Israyeli esimweni sabo zokusabalala phakathi kwabeZizwe.