ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 85


Isigaba 85

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 27 Novemba 1832. Lesi sigaba siyingxenye ethathwe encwadini yomPhrofethi eya kuWilliam W. Phelps, owayehlala e-Independence, eMissouri. Siphendula imibuzo mayelana nabaNgcwele ababethuthele eSiyoni kodwa ababengakawu landeli umyalelo wokunikela ngezimpahla zabo okwenza ukuthi bangawatholi amafa abo ngokohlelo olwalumisiwe eBandleni.

1–5, Amafa eSiyoni kufanele atholakale ngokunikela; 6–12, Oyedwa oqinileyo nonamandla uzonika abaNgcwele ifa labo eSiyoni.

1 Kungumsebenzi kamabhalane weNkosi, embekile, ukugcina umlando, anemibhalo ejwayelekile yebandla yazo zonke izinto ezenzeka eSiyoni, futhi neyabo bonke labo babanikela impahla, futhi nabathola amafa ngokusemthethweni kumbhishobhi;

2 Futhi nendlela yabo yempilo, ukholo lwabo, nemisebenzi yabo; futhi neyabahlubuki abahlubukayo emva kokuthola amafa abo.

3 Kuphambene nentando nomyalelo kaNkulunkulu ukuthi labo abangawatholi amafa abo angokunikela, ngokuvumelana nomthetho wakhe, awunikile, ukuze bakhokhise okweshumi abantu bakhe, ukuze abalungiselele bamelane nosuku clwempindiselo nelokushisa, ukuba amagama abo abhalwe nawabantu baNkulunkulu.

4 Futhi makungagcinwa umlando wesizukulwana sabo, noma ubekwe lapho ungatholakala khona emibhalweni noma emlandweni webandla.

5 Amagama abo mawangatholakali, noma namagama oyise, noma amagama abantwana ebhaliwe aencwadini yomthetho kaNkulunkulu, kusho iNkosi yamaBandla.

6 Yebo, lisho kanje aizwi lelincane elithule, elinyenyeza phakathi futhi blihlabe zonke izinto, futhi izikhathi eziningi lenza amathambo ami aqhaqhazele ngesikhathi lizibonakalisa, lithi:

7 Futhi kuyokwenzeka ukuthi mina, iNkosi uNkulunkulu, ngizothumela oyedwa oqinile nonamandla, ophethe intonga yamandla esandleni sakhe, ombathiswe ukukhanya njengengubo, umlomo wakhe oyokusho amazwi, amazwi aphakade; ngesikhathi izibilini zakhe ziyoba nghjumthombo weqiniso, ukuzohlela indlu kaNkulunkulu, futhi nokuzohlela ngezabelo zezindawo amafa abangcwele amagama abo atholakalayo, futhi namagama oyise, futhi nawabantwana babo, ebhalwe encwadini yomthetho kaNkulunkulu;

8 Nakuba leyondoda, eyabizwa nguNkulunkulu futhi yabekwa, eyelula isandla ukubamba aumphongolo kaNkulunkulu, iyowa ngomcibisholo wokufa, njengesihlahla esishaywe ngumcibisholo wombani okhanya kakhulu.

9 Futhi bonke labo abayotholwa bengabhaliwe aencwadini yokukhumbula abayikulithola ifa ngalolo suku, kodwa bayohlukaniswa nabanye, futhi isabelo sabo bayomiselwa sona phakathi kwabangakholwayo, lapho kukhona bukukhala nokugedla kwamazinyo.

10 Lezi zinto angizikhulumeli ngokwami; ngakho-ke, njengoba iNkosi ikhuluma, iyozigcwalisa futhi.

11 Futhi labo abangabobuPhristi obuKhulu, amagama abo angatholakali ebhaliwe aencwadini yomthetho, noma labo abatholakale bbehlubukile, noma cbesusiwe ebandleni, nalabo bobuphristi obuncane, noma amalungu, kulolo suku ngeke balithole ifa phakathi kwabangcwele boPhakeme kaKhulu;

12 Ngakho-ke, kuyokwenziwa kubo njengaku bantwana bomphristi, njengoba kutholakala kubhaliwe esahlukweni sesibili ivesi lamashumi ayisithupha nanye nelamashumi ayisithupha nambili lencwadi ka-Ezra.