ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 96


Isigaba 96

Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, esitshengisa uhlelo lwedolobha noma isikhonkwane seSiyoni eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 4 Juni, 1833, esanikwa njengesibonelo kwabaNgcwele eKirtland. Kwaku ngumhlangano wabaphristi abakhulu, futhi udaba olukhulu olwalubhekwa kwakuwuku chithwa kwemihlaba ethile, eyayaziwa ngokuthi yipulazi likaFrench, okwakungele Bandla elalise duze naseKirtland. Ngenxa yokuthi umhlangano awukwazanga ukuvumelana ukuthi ngubani owayezophatha lelipulazi, bonke bavumelana ngokubuza iNkosi ngokuphathelene naloludaba.

1, IsiKhonkwane saseKirtland seSiyoni kufanele senziwe siqine; 2–5, Umbhishobhi kufanele ahlukanisele abaNgcwele amafa; 6–9, UJohn Johnson kufanele abe yilungu lohlelo lokuba-munye.

1 Bhekani, ngithi kini, nakhu ukuhlakanipha, eniyokwazi ngakho ukuthi nenze kanjani ngokuphathelene naloludaba, ngokuba ngibona kufanele ukuthi lesi asikhonkwane engisimisile ukuze kuqine iSiyoni senziwe siqine.

2 Ngakho-ke, inceku yami uNewel K. Whitney makaphathe leyondawo eshiwo phakathi kwenu, kuyo engihlele ukwakha indlu yami engcwele.

3 Futhi phezu kwalokho, mayihlukaniswe izingxenye, ngokuhlakanipha, ukuze kuzuze labo abafuna amafa, njengoba kuyonqunywa emkhandlwini phakathi kwenu.

4 Ngakho-ke, qinisekani ukuthi niluphatha ngokuqaphela loludaba, futhi leyo ngxenye edingekile ukuze kuzuze auhlelo lwami, ngenhloso yokuletha izwi lami kubantwana babantu.

5 Ngokuba bhekani, ngiqinisile ngithi kini, lokhu ngokufanele kakhulu kimi, ukuthi izwi lami lihambe liye kubantwana babantu, ngenhloso yokuthambisa izinhliziyo zabantwana babantu ukuze nizuze. Ngisho kanjalo. Amen.

6 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, kungukuhlakanipha futhi kufanelekile kimi, ukuba inceku yami uJohn Johnson umnikelo wakhe engiwemukele, futhi nemikhuleko yakhe ngiyizwile, enginika kuye isethembiso sokuphila okuphakade kangangoba egcina imiyalelo yami kusuka manje—

7 Ngokuba ungowozalo luka aJosefa futhi uzofumana izibusiso zezethembiso ezenziwa koyise—

8 Ngiqinisile ngithi kini, ngibona kufanele ukuba abe yilungu lalolu hlelo, ukuba asize ekuletheni izwi lami kubantwana babantu.

9 Ngakho-ke niyomgcobela kulesi sibusiso, futhi uyofuna ngokukhuthala ukususa izikweletu eziphezu kwaleyondlu eshiwo phakathi kwenu, ukuze ahlale kuyo. Ngisho kanjalo. Amen.