ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 68


Isigaba 68

Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 1 Novemba, 1831, kuphendulwa umkhuleko wokuthi kwaziwe umqondo weNkosi ngokuphathelene no-Orson Hyde, uLuke S. Johnson, uLyman E. Johnson, kanye noWilliam E. McLellin. Nakuba ingxenye yalesi sambulo yayibhekiswe kulamadoda omane, okuningi okuphakathi kuthinta iBandla lonke. Lesi sambulo sanwetshwa ngomyalelo ka Joseph Smith ngesikhathi sikhishwa encwadini yeMfundiso neziVumelwano eyakhishwa ngonyaka ka 1835.

1–5, Amazwi amagosa uma eqhutshwa nguMoya oNgcwele ayimibhalo engcwele; 6–12, Amagosa kufanele ashumayele futhi abhabhadise, futhi izibonakaliso ziyolandela abakholwa ngokweqiniso; 13–24, Izibulo phakathi kwamadodana ka-Aroni lingasebenza njengoMbhishobhi oNgamele (okungukuthi, liphathe izikhiye zobumongameli njengombhishobhi) ngaphansi kokuyalelwa wubuMongameli bokuQala; 25–28, Abazali bayalwa ukuba bafundise ivangeli ebantwaneni babo; 29–35, AbaNgcwele kufanele bagcine iSabatha, basebenze ngokukhuthala, futhi bakhuleke.

1 Inceku yami, u-Orson Hyde, wabizwa ngokugcotshwa kwakhe ukuba ashumayele ivangeli laphakade, ngo aMoya kaNkulunkulu ophilayo, kubantu ngabantu, kumazwe ngamazwe, emabandleni ababi, emasinagogeni abo, ekhuluma nabo futhi ebachazela yonke imibhalo engcwele.

2 Futhi, bhekani, futhi bheka, lokhu kuyisibonelo kubo bonke labo abagcotshelwa kulobu buphristi, ubizo lwabo olumiselwe bona ukuba bahambe—

3 Futhi lokhu kuyisibonelo kubo, ukuthi abayokhuluma uma beholwa uMoya oNgcwele.

4 Futhi noma yikuphi abayokukhuluma uma beholwa auMoya oNgcwele kuyoba umbhalo ongcwele, kuyoba yintando yeNkosi, kuyoba wumqondo weNkosi, kuyoba wumyalezo weNkosi, kuyoba yizwi leNkosi, futhi bnamandla kaNkulunkulu aletha insindiso.

5 Bhekani, lesi yisethembiso seNkosi kini, O nina zinceku zami.

6 Ngalokho-ke, yibani nenjabulo, futhi aningesabi, ngokuba mina iNkosi nginani, futhi ngizoma nani; futhi niyofakaza ngami, ngisho uJesu Kristu, ukuthi ngiyiNdodana kaNkulunkulu ophilayo, ukuthi ngangikhona, ngikhona, futhi ngizoza.

7 Lona ngumyalelo weNkosi kuwe, nceku yami u-aOrson Hyde, futhi nasencekwini yami uLuke Johnson, nasencekwini yami uLyman Johnson, nasencekwini yami uWilliam E. McLellin, nakuwo wonke amagosa athembekile ebandla lami—

8 aHambani niye emhlabeni wonke, bnishumayele ivangeli kuzo zonke cizidalwa, nikwenza dngegunya engininike lona, enibhabhadisa egameni likaBaba, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele.

9 Futhi alowo okholwayo futhi ebhabhadiswa buyosindiswa, futhi lowo ongakholwayo uyoba cngaphansi kwamandla kaSathane.

10 Futhi lowo okholwayo uyobusiswa angezibonakaliso eziyomlandela, ngisho njengoba kubhaliwe.

11 Futhi nizophiwa ukwazi aizimpawu zezikhathi, nezimpawu zokuza kweNdodana yoMuntu;

12 Futhi abaningi uBaba ayofakaza ngabo, niyonikwa amandla aokubabophela ekuphileni kwaphakade. Amen.

13 Manje, ngokuphathelene nezihloko ezongezwe ezivumelwaneni nasemiyalelweni, yilezi—

14 Kukhona emva kwalokhu, ngesikhathi esifanele seNkosi, abanye aababhishobhi okufanele bahlukaniselwe ebandleni, ukuba basize njengowokuqala;

15 Ngalokho-ke bayoba nga abaphristi abakhulu abafanelekile, futhi bayobekwa wubu bMongameli bokuQala bobuPhristi bukaMelkisedeki, ngaphandle uma beyisizukulwane sangempela sika-cAroni.

16 Futhi uma bengabesizukulwane ngempela sika-aAroni banelungelo elisemthethweni lokuba sesikhundleni sobubhishobhi, uma bengamazibulo phakathi kwamadodana ka-Aroni;

17 Ngokuba izibulo linelungelo lobumongameli kulobu buphristi, kanye anezikhiye noma igunya labo.

18 Akekho umuntu onelungelo elisemthethweni kulesi sikhundla, ukuphatha izikhiye zalobu buphristi, ngaphandle uma aengowesizukulwane ngempela futhi eyizibulo lika-Aroni.

19 Kodwa, njengoba aumphristi omkhulu wobuPhristi bukaMelkisedeki enegunya lokusebenza kuzo zonke izikhundla ezincane angasebenza esikhundleni sika bmbhishobhi uma kungekho ongowesizukulwane ngempela sika-Aroni ongatholakala, uma ebiziwe futhi wahlukaniselwa futhi wagcotshwelwa kulamandla, ngaphansi kwezandla zobuMongameli bokuQala bobuphristi bukaMelkisedeki.

20 Futhi ongowesizukulwane ngempela sika-Aroni, nanye, kufanele akhonjwe yilobu buMongameli, futhi atholakale efanelekile, futhi aagcotshwe futhi babekwe ngaphansi kwezandla zobuMongameli, kungenjalo abavunyelwe ngokomthetho ukusebenza ebuphristini babo.

21 Kodwa, ngesizathu somyalelo ngokuphathelene nelungelo labo lobuphristi elehla kusuka kubaba kuya endodaneni, bangakucela ngokwelungelo ukugcotshwa kwabo uma noma ngasiphi isikhathi bengalukhombisa uzalo lwabo, noma beluqinisa ngesambulo esisuka eNkosini ngaphansi kwezandla zobuMongameli osebushiwo ngenhla.

22 Futhi phezu kwalokho, akekho umbhishobhi noma umphristi omkhulu oyohlukaniselwa kulesi sikhundla oyoquliswa noma oyobekwa noma yiliphi icala, ngaphandle uma kungaphambi kobu aMongameli bokuQala bebandla;

23 Futhi ngangoba etholwa enecala phambi kwalobu buMongameli, ngobufakazi obungeke buphikiseke, uyobekwa icala;

24 Futhi uma ephenduka auyoxolelwa, ngokwezivumelwano nemiyalelo yebandla.

25 Futhi phezu kwalokho, kangangoba aabazali benabantwana eSiyoni, noma kuziphi bizikhonkwane zayo ezihleliwe, abangaba cfundisi ukuba bayiqonde imfundiso yokuphenduka, ukukholwa kuKristu iNdodana kaNkulunkulu ophilayo, nokubhabhadiswa futhi nesipho soMoya oNgcwele ngokubekwa izandla, uma dsebeneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, eisono masibe phezu kwamakhanda abazali.

26 Ngokuba lokhu kuyoba umthetho kubantu base aSiyoni, noma kunanoma kuziphi izikhonkwane zakhe ezihleliwe.

27 Futhi abantwana babo abayobhabhadiswa ukuze bkuthethelelwe izono zabo uma csebeneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, futhi bafumane ukubekwa izandla.

28 Futhi bayofundisa abantwana babo ukuba abakukhuleka, futhi nokuhamba ngobuqotho phambi kweNkosi.

29 Futhi abantu baseSiyoni bayogcina ausuku lweSabatha balugcine lungcwele.

30 Futhi abantu baseSiyoni bayoyikhumbula imisebenzi yabo, kangangoba bebekwe ukuba basebenze, kukho konke ukuthembeka; ngokuba ivila liyokhunjulwa phambi kweNkosi.

31 Manje, mina, iNkosi, angithokozile kahle ngabantu baseSiyoni, ngokuba akunamavila phakathi kwabo; futhi nabantwana babo bakhulela bebubini; futhi cabayifuni ngokukhuthazela ingcebo yaphakade, kodwa amehlo abo agcwele umhobholo.

32 Lezi zinto akufanele zibekhona, futhi kufanele ziqedwe phakathi kwabo; ngalokho-ke, inceku yami u-Oliver Cowdery makahambise lokhu okushiwo akuyise ezweni laseSiyoni.

33 Futhi umyalelo ngiwunika bona—ukuthi lowo ongayenzi aimikhuleko yakhe phambi kweNkosi ngesikhathi sakho lokho, bmakakukhunjulwe phambi kukamehluleli wabantu bami.

34 Lokhu aokushiwo kuliqiniso futhi kuthembekile; ngalokho-ke, ningakwephuli, futhi bningasusi lutho kukho.

35 Bhekani, ngingu-aAlfa no-Omega, futhi bngiza masinyane. Amen.